Press Article

2003 Oct 03 - 09   "Uza nekhambi kubaculi"
Publication: UmAfrika
Byline: Fraser Mtshali

Ukuzithwalela izindleko zokuqopha i-Album nezokuyisabalalisa ezitolo kulo lonke izwe kuyinto abaculi abaning abangenawo amandla okuyenza, kodwa uma ikhona indlela yokubekezela, umculi aqophe uma esenawo amandla okuzenzela lezo zinto, kuba nezithelo ezinhle neziyomenza angazisoli ekugcineni.
Lesi yiseluleko isishiwo nguConcord Nkabinde, insizwa engumdlali wesiginci esindondayo, iBass, okhiphe i-Album yokuqala kulonyaka emva kokuyiqopha izikhawu iminyaka emine.
Isihloko sale-Album sithi “The time, the season”. Njengoba eyikhiphile nje, uzishaya isifuba ngokuthi ngesakhe kuphela isicathulo esikhalayo ngakho konke ukwenganyelwa kwaleAlbum – ayikho inkampani elawulayo ngokuthi uzothola amaphesenti angakanani ngokudayiswa kwayo njengoba kwenzeka kubaculi abaningi kuleli lizwe.

UConcord(35) wase-Soweto, uthi abaculi abaningi bazithola sebeklinyekile kwezezimali emva kokuqopha ama-Album bekade bezitshele ukuthi kuzolandela itshe lemali uma isidayiswa.
“Uye uthole ukuthi i-Album yomuntu idayiswa ubuthaphuthaphu kodwa yena ebe ekhala engashayiwe ngoba usuke eseqale wazigaxa ezivumelwaneni ezinika inkampani yamarekhodi wonke amalungelo”, kusho umfo kaNkabinde.
Enza isibonakaliso, uthe: “Abaculi abaningi baye baqophe bese bengena esilingweni sokuthatha le mali okuthiwa yi-Advance enkampanini abaqophe ngaphansi kwayo ngenxa yendlala”.

Isilingo

Uthe le mali eyi-Advance ibuyela emuva enkampanini nenzalo emba eqolo kanti nemali esuke isetshenziswe yinkampani ekufakeni leyo album ezimakethe idonswa nenzalo emalini esuke itholwe ngokudayiswa kwayo.
“Kwenzeka konke lokhu nje, umculi uzitshela ukuthi kuseza itshe lemali kanti do. Uma esekhonjiswa izibalo zezindleko asezenzile, kuye kuthi umuntu akazibulale. Mina ngabona kungcono ukulinda, ngiqongelele imali njengoba ngigcine sengizenzele yonke nje into”, kusho uConcord.
UNkabinde uthe wazikhokhela yena izindleko zokuqopha njengokuqashwa kweStudio, wabakhokhela yena bonke abaculi aqophe nabo, wazikhokhela yena izindleko zokukhiqizwa kwama CD kanti nguyena ohambe engena ephuma efaka amaCD akhe ezitolo zamarekhodi kulo lonke izwe. Ngesikhathi ekhuluma noMAFRIKA ngeledlule eseThekwini ubezofaka amaCD ezitolo.
Ivangeli elishunyayelwa ngumfo kaNkabinde lidinga ukusatshalaliswa izwe lonke ngoba okwenziwa kubalculi akwemukeleki neze. Okufike kuxake wukukhokhiswa kwabaculi ngokuqopha kwabo kodwa iMaster Tape ibe iyilungelo laleyo nkampani umculi aqophe ngaphansi kwayo.
Umfo kaNkabinde uthi lokhu kudinga ukuguqulwa ngayo yonke indlela.
Ebuzwa ngenhlobo yomculo oqukethwe yi-Album yakhe, uConcord uthe yi-“World Music”. Okwenza le ncazelo ibe yiqiniso wukuthi lensizwa ihlanganise izitayela eziningi.
Uma ulalela le-Album kuyezwakala ukuthi uConcord ukhule ewulalela, ewuthanda futhi umculo weLadysmith Black Mambazo. Ukhule eyilalela I-R&B(Rhythm & Blues) kanti uyawazi nomculo odlalwa eSpain naseNdiya. Kule-Album kukhona izingwazi ezifana noLoius Mhlanga, u-Ernie Smith ngisho nomculi waseShayina uLili Feng ocula noConcord kwenye yezingoma.
UConcord uneziqu zomculo azithole eNyuvesi yaseNatal eThekwini. Uke wadlala kakhulu eqenjini lomculo weGospel iJoyous Celebration.
 

all rights reserved © 2004 concordcreativity