Press Article
2003 Oct 01
"UConcord akasishayi uyasincinza isigingci"
Publication: Isolezwe
Byline: Kiki Ntuli
“UConcord Akasishayi uyasincinza isigingci”
Umculi omusha wejazz, uConcord Nkabinde, uthi umculo wakhe ngowabantu abafuna ukunethezeka baphumuze izingqondo nezinhliziyo.
Abalandeli bokuqina be-jazz sebeke bezwa ngomculi we-jazz osanda kufika kule ndima, oncinza isigingci ngelehlukile ikhono.
Lomculi onguConcord Nkabinde, usanda kukhipha eyakhe i-CD yokuqala ethi The time, The season, esiqalile ukudlalwa emisakazweni eminingi yakuleli.
Mhlawumbe abaningi bazocabanga ukuthi lensizwa ifike izolo kule ndima yomculo kanti cha, kade yalibamba iqhaza yize noma kungokokuqala ukuthi ikhiphe i-CD ebiza igama layo.
Ngaphambilini uConcord ubesebenzisana nezinkakha kwezomculo we-jazz okubalwa kuzo uHugh Masekela, uGloria Bosman, uRay Phiri noNeo Muyanga.
Iningi labathandi bomculo liyaye lizibuze liziphendule ukuthi umculi uwuhlanganisa kanjani umculo osezingeni eliphezulu nothokozisa abaningi. Lensizwa ithi ukubona
izinto ezahlukahlukene nsukuzonke yikho okuyenze yaqhamuka nezingoma ezishaya khona ephume nazo kule CD, enezingoma eziwu-14.
Ukubona kahle lezizinto ezehlukene ube esekuhlanganisa nolwazi lwakhe olunzulu lomculo njengoba awufundela futhi naye eke wawufundisa.
“Noma yini engiyibonayo noma engiyizwayo inganginika ugqozi lokubhala ingoma. Ngingahlangana nomuntu engingamazi sibe nengxoxo naye, uma leyo ngxoxo ingithintile ngaphakathi ngizinika isikhathi ngiyihlole ukuthi ngeke yini ngaqamba ingoma ngayo. Kokunye ingoma iyaphumelela kanti kuyenzeka futhi ingabhaleki,” kuchaza uConcord.
Uthe uma ungumculi okunye okubalulekile nokusizayo uma ubhala ingoma, wulwazi ngezinto ezenzeka emhlabeni jikelele.
“Uma ufunda amaphephandaba, ubukela nezinhlelo zezindaba, wazi ukuthi emhlabeni kwenzakalani, uyakwazi ukusizakala uma ubhala iculo. Lokho kukusiza ngokuthi ungalokhu iphinda into eyodwa eculweni lakho, ukuyinto abanye abaculi bakuleli abajwayele ukuyenza,” kusho lensizwa, engeyokudabuka eSoweto.
Lensizwa yakhula inothando lomculo njengoba yaqala ukucula ineminyaka eyishumi, icula esontweni njengeningi labaculi.
Ngokuqhubeka kwakhe ecula namaqembu ezokholo uthi yilapho abona khona ukuthi unothando olunzulu lomculo, ufuna nokuthola ulwazi ngalo. Lokhu kwaholela ekutheni enze izifundo zomculo eNyuvesi yaseNatal, eThekwini, okuyilapho athola khona iziqu zomculo.
“Ngesikhathi ngenza izifundo zomculo ngabanogqozi lomculo we-jazz, ngaze ngathatha isinqumo sokugxila kuyo lendima,” kusho uConcord, ophinde wathi isipiliyoni asithola efundela umculo nangesikhathi esebenzisana nabanye abaculi samenza wakwazi ukuthi iminyaka emine eyedlule ayisebenzise ekuhlanganiseni le-CD.
Echaza ngale-CD yakhe yokuqala, uthe abantu abawaziyo umculo futhi abafuna ukulalela okwehlukile, bazwise izinhliziyo nezingqondo zabo ubumnandi nokunethezeka, ibalungele le-CD, okunengoma kuyo ethi No seed No life, ayibhekise eqhazeni elabanjwa abaculi abangasekho abanjengoMoses Taiwa Molelekwa, abasiza ekwenyuseni izinga lomculo waseNingizimu Afrika.
Kanti ukuqhubeka nokwenza lokhu uthi uba nezinhlelo lapho ehambela khona izikole abe nama-workshop okugqugquzela uthando kulabo bafundi abenza izifundo zomculo.